AmaHubo 93:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile izwi layo; izikhukhula ziphakamisa amaza azo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile ukuholoba kwayo; imifula iphakamisa ukuduma kwayo. IsiZulu 2020 Simakade, imifula iholoba ngamandla, imifula iholoba kakhulu, imifula iduma ngamandla amakhulu. |
Noma amanzi alo ehlokoma futhi enyakaziswa, noma izintaba zizamazama ngokukhukhumala kwawo. Sela.
Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.
Ngokuba niyakuphuma ngokujabula, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhuma phambi kwenu ngokujabula, nemithi yonke yasendle ishaye ihlombe.
Ngokuba wangiphonsa ekujuleni, phakathi kolwandle; imifula yangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula.
Yathi kimi: “Amanzi owawabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, ayizizwe, nezixuku, nezizwe, nezilimi.