Wakhuluma ngemithi, kusukela kumsedari oseLebanoni kuze kufike kuhisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezilwane, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo nezinhlanzi.
AmaHubo 92:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Olungileyo uyakuqhakaza njengesundu, akhule njengomsedari waseLebanoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari* eLebanoni. IsiZulu 2020 Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni. |
Wakhuluma ngemithi, kusukela kumsedari oseLebanoni kuze kufike kuhisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezilwane, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo nezinhlanzi.
Waqopha zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, namasundu, nezimbali eziqhakazile, ngaphakathi nangaphandle.
Ngakho abaJuda bachitha zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokubhubhisa, benza njengokuthanda kwabo kwababazondayo.
Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.
Lindelani uJehova, nimgcine; uyakunivusa ukuba nidle ifa lezwe; lapho ababi benqunywa, uyakukubona.
Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngiyethemba umusa kaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade.
Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza; nokuchichima kokuthula uma nje inyanga.
Lapho ababi behluma njengotshani, nalapho bonke abenzi bobubi behluma; kungukuthi bayobhujiswa phakade.
Endaweni yameva kuyakumila umsayipuresi, endaweni yokhula kukhule umuthi wombomvana; kuyakuba yigama likaJehova, kube yisibonakaliso esiphakade esingayikunqunywa.
Abayikwakha, bahlale kwelinye; abayikutshala, badle esinye, ngokuba njengezinsuku zomuthi ziyakuba njalo izinsuku zabantu bami, nabakhethiweyo bami bayakuthokozela umsebenzi wezandla zabo.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, onabe izimpande zawo ngasemfuleni, angaboni lapho kufika ukushisa, kepha amaqabunga awo ayakuba luhlaza; futhi ayiyikuyeka ngonyaka wesomiso, futhi ayiyikuyeka ukuthela.
Kodwa ngabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ubude bawo bunjengobude bemisedari, laqina njengezihlahla zeturpentine; kodwa ngasichitha isithelo sawo phezulu lezimpande zawo ngaphansi.
Khona isitha sami siyakubona, simbozwe amahloni esasithi kimi: ‘Uphi uJehova uNkulunkulu wakho? amehlo ami ayakumbheka; manje liyakunyathelwa phansi njengodaka lwezitaladi.
Njengezigodi zendlalekile, njengezivande ngasemfuleni, njengezihlahla zenhlaba eyatshalwa nguJehova, nemisedari ngasemanzini.