Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 90:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

Buya, Jehova, kuze kube nini? futhi makuphenduke kuwe ezincekwini zaKho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Buya, Simakade! Kuyoze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 90:13
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasikhumbula isivumelwano sakhe kubo, waphenduka ngokobukhulu besihe sakhe.


Ngoba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, futhi uyozisola ngezinceku zakhe.


Ngokuba ekufeni akukho ukukukhumbula; ngubani oyakukudumisa eHayidese na?


O Nkulunkulu, koze kube nini isitha sihlambalaza? isitha sihlambalaza igama lakho kuze kube phakade na?


Buya, Nkulunkulu Sebawoti, ubheke phansi usezulwini, ubone, uhambele lo mvini;


nesivini owasihlanyela esokunene sakho, negatsha owaziqinisela lona.


Koze kube nini, Jehova? uzocasha kuze kube phakade? intukuthelo yakho ivutha njengomlilo na?


Kungani amaGibhithe azakhuluma athi: Nguye owabakhupha ebubini ukuze ababulalele ezintabeni futhi abaqede emhlabeni? Phenduka olakeni lwakho futhi uphenduke kulobu bubi obumelene nabantu bakho.


UJehova wazisola ngobubi ayecabanga ukubenza kubantu bakhe.


O Jehova, usidukiseleni ezindleleni zakho, wenze lukhuni izinhliziyo zethu ekukwesabeni na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


Kuyothi lapho sengibasiphule, ngibuye ngibenzele umusa, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo.


Ngingakulahla kanjani, Efrayimi? ngingakusindisa kanjani, Israyeli? ngingakufanisa kanjani ne-Adma? ngingakumisa kanjani njengeSeboyimi na? inhliziyo yami yaphenduka phakathi kwami, ukuzisola kwami kwavutha kanyekanye.


UJehova wazisola ngalokhu: Ngeke kwenzeke, kusho uJehova.


INkosi yazisola ngalokhu: Nalokhu akuyikwenzeka, isho iNkosi uJehova.


Ubani ongazi uma uNkulunkulu eyophenduka futhi aphenduke futhi abuye olakeni lwakhe, ukuze singabhubhi?


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngibuyele eJerusalema ngomusa; indlu yami iyakwakhiwa kulo,” usho uJehova Sebawoti, kwelulwe umucu phezu kweJerusalema.


Kwathi ekuphumuleni kwayo, wathi: Buyela, Nkosi, ezinkulungwaneni ezinengi zakoIsrayeli.


Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe futhi azisole ngezinceku zakhe lapho ebona ukuthi amandla azo aphelile, futhi akekho oboshiwe noma osele.