AmaHubo 89:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wena ubusa phezu kolwandle olubilayo; ekuphakameni kwamagagasi awo, Uyawathulisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa. IsiZulu 2020 Wena ubusa amadlambi olwandle lapho amaza alo ephakama, Wena uyawathulisa. |
Ukulunga kuyakuba yibhande lezinkalo zakhe, nokuthembeka kube ibhande lezinkalo zakhe.
Wena uhawukela izinkulungwane, uphindisele ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo: oMkhulu, uNkulunkulu onamandla, uJehova Sebawoti, igama lakhe,
Uyakhuza ulwandle, alomise, ayomise nemifula yonke; iBashani liyabuna neKarmeli, nembali yaseLebanoni iyabuna.
Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu.
Basesaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Ubani lo, ukuthi nomoya nolwandle kumlalele?