AmaHubo 88:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume. IsiZulu 2020 Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma. |
Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.
Ngakho umoya wami uyaphela amandla phakathi kwami; inhliziyo yami iyabila phakathi kwami.
Ngaba yisihlamba phakathi kwazo zonke izitha zami, ikakhulukazi phakathi komakhelwane bami, nengebhe phakathi kwezihlobo zami; abangibona ngaphandle bangibalekela.
Kepha uJehova uyakuyala umusa wakhe emini, nasebusuku ingoma yakhe ibe nami, nomkhuleko wami kuNkulunkulu wokuphila kwami.
Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.
Mina ngedwa nginyathele isikhamo sewayini; phakathi kwabantu kwakungekho nami, ngokuba ngiyakubanyathela ngentukuthelo yami, ngibanyathele ngokufutheka kwami; igazi labo liyofafazwa ezingutsheni zami, ngingcolise zonke izingubo zami.
Ngokuba impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema, nomprofethi uJeremiya wayeboshiwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda.
Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.
Kepha abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi, uma ekhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.