Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa.
AmaHubo 85:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Awufuni yini ukusenza siphile, ukuze abantu bakho bajabule kuwe na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na? IsiZulu 2020 Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na? |
Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa.
U-Israyeli makajabule ngaye owamenzayo; abantwana baseSiyoni mabajabule ngeNkosi yabo.
O, ukube ukusindiswa kuka-Israyeli bekuvela eSiyoni! Lapho uNkulunkulu ebuyisela ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe uyojabula no-Israyeli ajabule.
Wena ongenze ngabona izinhlupheko ezinkulu nezibuhlungu, uyakungiphilisa, ungikhuphule ekujuleni komhlaba.
IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? intukuthelo yakho ithunqeleni izimvu zedlelo lakho na?
Umusa wakhe uphele phakade na? isithembiso sakhe asifezeki kuze kube phakade na?
Usisuthise ekuseni ngomusa wakho; ukuze sithokoze, sithokoze zonke izinsuku zethu.
Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.
Uyakugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade na? uyohlala kuze kube sekupheleni? Bheka, ukhulumile futhi wenza okubi njengoba ubungakwenza.
Izwi lenjabulo nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi likamakoti, izwi lalabo abathi: “Dumisani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade nowabaletha umnikelo wokudumisa endlini kaJehova. Ngoba ngizobuyisela isiphetho sezwe njengoba sasinjalo ekuqaleni,” kusho uJehova.
Emva kwezinsuku ezimbili uyakusiphilisa; ngosuku lwesithathu uyakusivusa, siphile phambi kwamehlo akhe.
Jehova, ngizwile izwi lakho, ngesaba; Jehova, mawuphile umsebenzi wakho phakathi kweminyaka, wazise phakathi kweminyaka; olakeni khumbula umusa.