Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; wangiyala ukuba ngimakhele indlu eJerusalema lakwaJuda.
AmaHubo 85:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uthethelele ububi babantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela* IsiZulu 2020 Walisusa icala labantu bakho, wazisibekela zonke izono zabo. Sela |
Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; wangiyala ukuba ngimakhele indlu eJerusalema lakwaJuda.
Ihubo likaDavide uMaskili. Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisitshekelwe.
Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ububi buka-Israyeli, kepha abuyikuba khona; nezono zikaJuda aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibagcinayo.
Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.
Xolela ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.
futhi ngaye bonke abakholwayo bayalungisiswa kukho konke obungelungisiswe kukho ngomlayo kaMozisi.
Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;