Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 85:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

Yebo, uJehova uyakunika okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

USimakade uyoveza okuhle, nezwe lethu liyothela izithelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 85:12
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona umhlaba uyakuthela izithelo zawo; futhi uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu uqobo, uyosibusisa.


Kuyakuba-khona isamba sikakolweni emhlabeni esiqongweni sezintaba; izithelo zawo ziyakuzamazama njengeLebanoni, nabasemzini bayokhahlela njengotshani bomhlaba.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.


uMoya aze athululelwe phezu kwethu evela phezulu, logwadule luthiwe luyinsimu evundileyo, lensimu evundileyo njengehlathi.


Yehlani, mazulu, phezulu, izulu linise ukulunga; Mina, Jehova, ngikudalile.


Izwe liyothela isithelo salo, nidle, nisuthe, nihlale kulo ngokulondeka.


Ngiyakuninika imvula ngesikhathi esifaneleyo, izwe lithele izithelo zalo, nemithi yasendle ithele izithelo zayo.


Ukwazisile wena muntu, okuhle; UJehova ufunani kuwe ngaphandle kokuba wenze ukulunga nokuthanda uthando, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?


Ngoba inzalo izaphumelela; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlaba uthele ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo; ngiyakwenza ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Kepha ohlanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwayo izwi, aliqonde; ethela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.


Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.


Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.


Sebezwile bayidumisa iNkosi, bathi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi zingaki izigidi zabakholwayo abaJuda; futhi bonke bashisekela umthetho;


Kodwa kuye lina likuKristu Jesu, owenziwe kithi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, lokulunga, lokungcweliswa, lokuhlengwa;


Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.