AmaHubo 81:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abazondayo uJehova bebeyakuzithoba kuye, kepha isikhathi sabo siyakuma phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade. IsiZulu 2020 Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye, ukubhujiswa kwabo kube phakade. |
Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.
Abayikwakha, bahlale kwelinye; abayikutshala, badle esinye, ngokuba njengezinsuku zomuthi ziyakuba njalo izinsuku zabantu bami, nabakhethiweyo bami bayakuthokozela umsebenzi wezandla zabo.
Kodwa uJuda uzaphila kuze kube nininini, leJerusalema izizukulwane ngezizukulwane.
nabahlebayo, abazonda uNkulunkulu, abadelelayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali,
Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki.