Ngokuba uyasuthisa umphefumulo olangazelayo, awugcwalise ngokuhle umphefumulo olambileyo.
AmaHubo 81:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe; vula kakhulu umlomo wakho, ngiwugcwalise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise. IsiZulu 2020 Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise. |
Ngokuba uyasuthisa umphefumulo olangazelayo, awugcwalise ngokuhle umphefumulo olambileyo.
NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.
Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.
Mesabeni manje uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso; nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula naseGibithe; nikhonze uJehova.
Manje, uthi, susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nithambekise inhliziyo yenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.