Ngizabamisela indawo abantu bami u-Israyeli, ngibatshale, ukuze bahlale endaweni yabo, bangabe besaxega; abantwana bobubi abasayikubacindezela njengakuqala;
AmaHubo 80:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wawulungisela indawo, wawenza wamila izimpande, wagcwalisa izwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba. IsiZulu 2020 Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba. |
Ngizabamisela indawo abantu bami u-Israyeli, ngibatshale, ukuze bahlale endaweni yabo, bangabe besaxega; abantwana bobubi abasayikubacindezela njengakuqala;
UJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, babedla, bephuza, bejabula.
OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
UJowabe wasemnika uDavida inani lenani labantu. Bonke kwa-Israyeli babeyinkulungwane nekhulu lamadoda ahloma inkemba, futhi uJuda babe yizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisithupha abahlome inkemba.
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.
Uzakwenza labo abavela kuJakhobe bamile izimpande: uIsrayeli uzaqhakaza, ahlume, agcwalise ubuso bomhlaba ngesithelo.
Insali eyaphunyuka endlini yakwaJuda iyophinde ibe nezimpande ngaphansi futhi ithele izithelo phezulu.
Yasibiyela, yakhipha amatshe aso yatshala kuso umvini omuhle kakhulu wakha umbhoshongo phakathi kwaso, wenza nesikhamo sewayini kuso; futhi wabheka ukuthi yayiyoveza izithelo zomvini, futhi yathela izithelo zomvini zasendle.
Wabatshala, yebo, banezimpande; bayakhula, yebo, bathele izithelo; Useduze emlonyeni wabo futhi ukude nezinso zabo.
Kodwa mina ngikutshale umvini omuhle, wonke uyimbewu yeqiniso; pho, ungiphendule kanjani ngibe yisithombo esibolile somvini wezizweni na?
Ngathuma iminyovu phambi kwenu, eyawaxosha phambi kwenu, amakhosi amabili ama-Amori; kodwa kungabi ngenkemba yakho noma ngomnsalo wakho.