Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
AmaHubo 80:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isandla sakho masimelane nomuntu wesandla sakho sokunene, phezu kwendodana yomuntu oziqinisele yona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isandla sakho masibe phezu kwendoda yesokunene sakho, phezu kwendodana yomuntu ozikhulisele yona; IsiZulu 2020 Isandla sakho masibe phezu kwalowo ongakwesokunene sakho, simvikele, lowo ozikhulisele yena. |
Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.
UJehova waqamba igama lakho ngokuthi: Umnqumo oluhlaza, omuhle nesithelo esihle; ngomsindo wesiyaluyalu esikhulu waphemba umlilo phezu kwawo, kwaphulwa amagatsha awo.
Yisho ezweni lakwa-Israyeli, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi; Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi kuwe.