AmaHubo 80:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Buya, Nkulunkulu Sebawoti, ubheke phansi usezulwini, ubone, uhambele lo mvini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye; bheka usezulwini, ubone, unakekele lo mvini, IsiZulu 2020 Nkulunkulu Wamabandla, phenduka, siyakucela, bheka phansi usezulwini, ubone, bese uwunakekela lo mvini, |
Bheka usezulwini, ubone usendaweni yakho engcwele neyenkazimulo yakho: iphi ukushisekela kwakho namandla akho, nomsindo wezibilini zakho nomusa wakho kimi na? babeboshiwe?
O Jehova, usidukiseleni ezindleleni zakho, wenze lukhuni izinhliziyo zethu ekukwesabeni na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.
Ngubani owaziyo uma eyobuya futhi aphenduke futhi ashiye isibusiso ngemva kwakhe; umnikelo wokudla nomnikelo wokuphuzwayo kuJehova uNkulunkulu wenu na?
Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, futhi ngiyakubuyela kini, kusho uJehova Sebawoti. Kepha nina nithi: “Siyakubuyelaphi na?”
Emva kwalokho ngiyakubuya, ngibuye ngilakhe itabernakele likaDavide eliwileyo; ngiyakubuye ngiwakhe amanxiwa awo, ngiwumise;