Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova.
AmaHubo 79:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thela ulaka lwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, laphezu kwemibuso engalibizanga ibizo lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho. IsiZulu 2020 Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemibuso engalibizi igama lakho. |
Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova.
Abenzi bokubi abanakwazi na? abantu bami abazidlayo bedla isinkwa; ababizanga kuNkulunkulu.
Ngakho wathululela phezu kwakhe ukuvutha kolaka lwakhe namandla empi, kwamthungela inhlangothi zonke, kodwa yena engakwazi; wamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni.
Thela ukufutheka kwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, nasezizukulwaneni ezingalibizi igama lakho; ngokuba bamdlile uJakobe, bamshwabadela, bamshwabadela, benza ikhaya lakhe laba yihlane.
Ngokuba bhekani, sengiqala ukwehlisela okubi phezu komuzi obizwa ngegama lami; Aniyikuyeka ukujeziswa, ngokuba ngiyakubiza inkemba phezu kwabo bonke abakhileyo emhlabeni,” usho uJehova Sebawoti.
Ngalokho ngilindeleni, usho uJehova, kuze kufike usuku engiyakuvuka ngalo ukuphanga; ngoba injongo yami iwukuqoqa izizwe, ukuze ngibuthe imibuso, ukuze ngithulule ulaka lwami phezu kwazo, yebo, lonke ulaka lwami oluvuthayo. Ngoba umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wami.
Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazi ukuthi wena ungithumile.
Ngokuba ngithe ngidlula ngibuka izinto enizikhonzayo, ngathola i-altare elilotshiwe ukuthi: KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO. Ngakho-ke lowo enimkhonza ngokungazi, nguyena engimemezela kini.
Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;
kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;
Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;