Kepha wakhetha isizwe sakwaJuda, iNtaba yaseSiyoni ayithandayo.
Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.
Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.
Kepha uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha phezu kwayo yonke indlu kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba wakhetha uJuda ukuba abe ngumbusi; nendlu kaJuda, indlu kababa; futhi phakathi kwamadodana kababa wayethanda ukuthi ngizenze inkosi phezu kukaIsrayeli wonke.
Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.
UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni ngaphezu kwazo zonke izindlu zikaJakobe.
UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.