AmaHubo 78:59 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wazonda u-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli. IsiZulu 2020 Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli. |
UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.
INkosi ililahlile i-altare layo, yanengwa yindlu yayo engcwele, yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha; babanga umsindo endlini kaJehova njengosuku lomkhosi.
Akumelwe nihambe ngezindlela zesizwe engisixosha phambi kwenu; ngokuba benze zonke lezi zinto, ngase ngibenyanya.
Kepha nokho, uma besezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, angiyikunengwa ngabo, ngokubashaya ngesiqalekiso, ngaphule isivumelwano sami nabo; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo.
Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.
UJehova ekubona lokho waba nengwa yibo ngenxa yokugconwa kwamadodana akhe namadodakazi akhe.