Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.
AmaHubo 78:54 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabayisa emkhawulweni wendlu yakhe engcwele, kule ntaba esasiyithengile isandla sakhe sokunene. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele, entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene. IsiZulu 2020 Wabayisa emngceleni wakhe ongcwele entabeni eyayizungezwe yisandla sakhe sokunene. |
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.
Nigxumelani nina zintaba eziphakemeyo? iyigquma uNkulunkulu afuna ukuhlala kulo; yebo, uJehova uyakuhlala kulo kuze kube phakade.
Ubaqondisile ngomusa wakho abantu obahlengileyo; Wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni yakho engcwele.
Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yelifa lakho, endaweni oyenzele ukuthi uhlale kuyo, Nkosi, endaweni engcwele, Nkosi, ezayimisayo izandla zakho.
Aziyikulimaza, zingachithi yonke intaba yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.
Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.
Iyakutshala izindlwana zendlu yayo phakathi kolwandle entabeni engcwele yenkazimulo; nokho iyofika ekupheleni kwayo, futhi akekho oyoyisiza.
okuyisibambiso sefa lethu, kuze kuhlengwe lokho okwathengwayo, kube ludumo lwenkazimulo yakhe.