Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.
AmaHubo 78:43 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuthi wazenza kanjani izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe ensimini yaseSowani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani. IsiZulu 2020 ngesikhathi enza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, eZowani. |
Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.
owathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, kuFaro nezinceku zakhe zonke.
UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.
Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe;
Nesizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.
Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?
UJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezinzima eGibithe kuFaro nakuyo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu.