AmaHubo 78:40 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bamgcona kaningi ogwadule, bemenza lusizi ogwadule! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane, bemdabukisa kwahlongasibi. IsiZulu 2020 Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule! |
Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu.
Kepha bahlubuka, bahlupha uMoya wakhe oNgcwele; ngalokho waba yisitha sabo walwa nabo.
Wasesithi: Lalela, wena ndlu kaDavida! Kuyinto encane kini ukukhathaza abantu, kodwa nizokhathala noNkulunkulu wami?
INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.
Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova.