AmaHubo 78:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nokho bamthopha ngemilomo yabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo; IsiZulu 2020 Ngemilomo yabo babemthopha, kodwa beqamba amanga bngezilimi zabo. |
Ngalokho uJehova wathi: “Ngokuba laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zomlomo wabo, kepha inhliziyo yabo ikude nami, nokungesaba kwabo kufundiswa ngomyalo wabantu.
Wesaba, noma wesaba bani, uze uqambe amanga, ungacabangi ngami, ungakubekeli enhliziyweni na? angizange ngithule kusukela kudala, wena awungesabi na?
Noma lihle noma libi, siyakulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye; ukuze kube kuhle kithi, uma sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.
Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.
U-Efrayimi ungihaqile ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso, kepha uJuda usabusa noNkulunkulu, uthembekile kwabangcwele.
U-Efrayimi udla umoya, uxosha umoya wasempumalanga; imihla ngemihla wandisa amanga nokubhubhisa; benza isivumelwano nama-Asiriya, kwangeniswa amafutha eGibithe.
UJehova uphikisana noJuda, uyakuhambela uJakobe ngokwezindlela zakhe; uyakumbuyisela ngokwezenzo zakhe.
Ngokuba ingcebo yalo igcwele ubudlova, nabakhileyo kuyo bakhulume amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.