Kukho konke lokhu baqhubeka bona njalo kabakholwanga yimisebenzi yakhe yamandla.
AmaHubo 78:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Baphinda bona kakhulu kuye ngokuklolodela oPhezukonke ehlane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nokho baqhubeka benza ukona kuye, baphambana noPhezukonke ehlane. IsiZulu 2020 Nokho baqhubeka bona kuye, bamhlubuka Ophezukonke ehlane. |
Kukho konke lokhu baqhubeka bona njalo kabakholwanga yimisebenzi yakhe yamandla.
Kepha bahlubuka, bahlupha uMoya wakhe oNgcwele; ngalokho waba yisitha sabo walwa nabo.
Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe.
Ngokuba ngiyabazi ubulukhuni bakho nentamo yakho elukhuni; bhekani, ngisekhona nani namuhla nihlubukile kuJehova; Kakhulu kangakanani emva kokufa kwami?
NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.