Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
AmaHubo 78:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabahola ngefu emini, nangokukhanya komlilo ubusuku bonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo. IsiZulu 2020 Emini wabahola ngefu, ubusuku bonke, ngokukhanya komlilo. |
Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.
Futhi kwenzeka ukuthi ngomlindo wokusa iNkosi yabheka phakathi kwensika yomlilo nefu ebuthweni labaseGibhithe, futhi impi yamaGibhithe yanqotshwa.
Kwakunjalo ngaso sonke isikhathi: ifu lalisibekela emini kanye nomlilo ebusuku.