Umsedari wendlu ngaphakathi wawubandisiwe imiqumbe nezimbali eziqhakazile; yonke kwakuyimisedari; akubonanga itshe.
AmaHubo 74:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha manje bahlephula umfanekiso wakhe obaziweyo masinyane ngezimbazo nezando. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Konke okubaziweyo kwayo sezikuphohloze ngembazo nangesando. IsiZulu 2020 Konke okwayo okubaziweyo zakuphohloza ngembazo nangesando. |
Umsedari wendlu ngaphakathi wawubandisiwe imiqumbe nezimbali eziqhakazile; yonke kwakuyimisedari; akubonanga itshe.
Waqopha zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, namasundu, nezimbali eziqhakazile, ngaphakathi nangaphandle.
Izicabha ezimbili zazingezemithi yomnqumo; waqopha phezu kwalo imifanekiso yamakherubi, neyamasundu, neyezimbali eziqhakazileyo, walimboza ngegolide, wendlala igolide phezu kwamakherubi naphezu kwemithi yesundu.
Waqopha phezu kwamakherubi namasundu nezimbali eziqhakazile, walimboza ngegolide elaligcotshwe ezithombeni.