Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 73:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba azikho izibopho ekufeni kwabo, kepha amandla abo aqinile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo, namandla abo aqinile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngokuba abanazinhlungu, kuze kube sekufeni kwabo, bayizitetelegu.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 73:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngoba umboza ubuso bakhe ngamanoni akhe, akhuluphale ezinhlangeni zakhe.


Bachitha izinsuku zabo engcebweni, behlela endaweni yabafileyo ngokuphazima kweso.


Isizalo siyamkhohlwa; impethu iyakumdlisa kamnandi; ngeke esakhunjulwa; nobubi buyophulwa njengomuthi.


Bavalelwe emafutheni abo; ngomlomo wabo bakhuluma ngokuziqhenya.


Kubantu abayisandla sakho, Jehova, kubantu bomhlaba abanesabelo sabo kulokhu kuphila, nesisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho efihliweyo; bagcwele abantwana bashiyela abancane babo okusalayo.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo ngaphezu kwesiwula kuze kube phakade; ngokuba lokho okuzayo ngalezi zinsuku kuyakukhohlakala konke. Futhi ufa kanjani ohlakaniphileyo? kunesiwula.


Konke lokhu ngakubona ezinsukwini zami eziyize: kukhona olungileyo obhubhayo ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


Bakhuluphele, bayakhazimula, yebo, badlula imisebenzi yababi; futhi ilungelo labampofu abalahluleli.


Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;