AmaHubo 73:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakungihola ngesiluleko sakho, ungamukele kamuva enkazimulweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. IsiZulu 2020 Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. |
Izabahola abathobekileyo ekwahluleleni, futhi abathobekileyo izafundisa indlela yayo.
Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.
Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.
Kodwa uNkulunkulu uzakhulula umphefumulo wami emandleni eHayidesi, ngoba yena uzangamukela. Sela.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.
Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.
Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisa okuhle, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.
Khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma njengokusa, nokuphila kwakho kuyakuhluma masinyane; ukulunga kwakho kuyakuphumela phambi kwakho; inkazimulo kaJehova iyakuba ngumvuzo wakho.
Noma ifu lalihlala phezu kwetabernakele izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma unyaka, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo, abasukanga; kodwa kwathi selinyuswa basuka.
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na?
UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.
Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.
Bamkhanda ngamatshe uStefanu, ebiza uNkulunkulu, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
Ngakho abayikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa labo, njengokusho kwakhe kubo.
Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.