Uyini uSomandla ukuba simkhonze? futhi iyiphi inzuzo esiyoyithola uma sithandaza kuYe?
AmaHubo 73:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngageza izandla zami ngingenacala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala, IsiZulu 2020 Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile, nezandla zami ngazihlamba ngingenacala, |
Uyini uSomandla ukuba simkhonze? futhi iyiphi inzuzo esiyoyithola uma sithandaza kuYe?
Ngoba uthe: Kuzakuba yini inzuzo kuwe? nokuthi: Ngiyozuzani uma ngihlanjululwa esonweni sami na?
Uma ngithi: Ngiyakukhohlwa ukukhala kwami, ngishiye ukuphika kwami, ngiziduduze.
Onezandla ezihlanzekileyo nenhliziyo ehlanzekileyo; ongaphakamiseli umphefumulo wakhe ezeni nongafunganga amanga.
Ngiyakugeza izandla zami ngingenacala; kanjalo ngiyakuzungeza i-altare lakho, Jehova;
Nkulunkulu, dalele kimi inhliziyo ehlanzekileyo; uvuse umoya oqondileyo phakathi kwami.
Nathi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kunenzuzoni ukuthi sigcine ukwahlulela kwakhe, sihambe ngokulila phambi kukaJehova Sebawoti na?
Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.