Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona.
AmaHubo 73:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bathi: “UNkulunkulu ukwazi kanjani lokhu na?” Kukhona ukwazi koPhezukonke na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?” IsiZulu 2020 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? Imbala kukhona yini ukwazi koPhezukonke na?” |
Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona.
Omubi akayikumfuna uNkulunkulu ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe; uNkulunkulu akekho kuyo yonke imicabango yakhe.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo emakamelweni akhe ezithombe na? ngoba bathi: UJehova akasiboni; uJehova uwushiyile umhlaba.
Futhi abacabangi enhliziyweni yabo ukuthi ngiyakhumbula bonke ububi babo; ziphambi kobuso bami.
“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.