Wathembela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; kangangokuthi ngemva kwakhe akuzange kube khona onjengaye phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda naphakathi kwabo bonke ababengaphambi kwakhe.
AmaHubo 71:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyethemba wena Jehova; ungaze ungivumele ngidideke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade. IsiZulu 2020 Kuwena, Simakade, ngiyakhosela, mangingajabhi naphakade. |
Wathembela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; kangangokuthi ngemva kwakhe akuzange kube khona onjengaye phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda naphakathi kwabo bonke ababengaphambi kwakhe.
Basizwa phezu kwabo, amaHagari anikelwa esandleni sabo nabo bonke ababe nabo; ngoba babethembele kuye.
(IsiHlabelelo seziHlabelelo.) Abamethembayo uJehova bayakuba njengentaba yaseSiyoni enganyakazi kepha imi phakade.
Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.
Mabajabhe abangizingelayo, kepha mina mangingajabhi; mabeme bethukile, kepha mina mangingathuki; wehlisele phezu kwabo usuku olubi, ubabhubhise ngokuchitha kabili.
njengokulotshiweyo ukuthi: Khangela, ngibeka eZiyoni ilitshe lokuwisa ledwala lokuwisa;
Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa.