Basebemphanyeka uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Lwase luphela ulaka lwenkosi.
AmaHubo 7:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wemba umthombo, wawumba, wawela emgodini ayewenzile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umgodi uwumba, uwugubha, kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo. IsiZulu 2020 Umba umgodi, usewumbile; ukhalakathela emgodini abewumbile. |
Basebemphanyeka uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Lwase luphela ulaka lwenkosi.
Bazenzela izinyawo zami inetha; umphefumulo wami uthobile; bemba umgodi phambi kobuso bami, bawela kuwo. Sela.
Uzakhulelwa ngamakhoba, uzale amabibi; ukuphefumula kwakho kuyakuqeda njengomlilo.
Akekho ocela ubulungisa futhi akekho omela iqiniso; bathembela ezeni, bakhuluma amanga; bakhulelwa okubi, bazale ububi.
Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.
UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke; Ukuthula kuphindaphindwe kuwe.