Amazulu ayakumemezela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela.
AmaHubo 7:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu uyahlulela olungileyo, futhi uNkulunkulu uthukuthelele ababi nsuku zonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo; unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke. IsiZulu 2020 UNkulunkulu ungumehluleli olungileyo, noNkulunkulu othukuthela nsuku zonke. |
Amazulu ayakumemezela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela.
UJehova uyakwahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, njengokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.
Kodwa ubulungisa buyobuyela ekulungeni, futhi bonke abaqotho ngenhliziyo bayokulandela.
UNkulunkulu unomona, uJehova uyaphindisela; uJehova uyaphindisela, unolaka; uJehova uyaphindisela kwabamelene naye, azigcinele izitha zakhe ulaka.
Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.