UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni ezindiza phezu komhlaba emkhathini wezulu.”
AmaHubo 69:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izulu nomhlaba makumdumise, izilwandle nakho konke okunyakazayo kukho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakubongwa yizulu nomhlaba, yizilwandle nakho konke okuphila kuzo. IsiZulu 2020 Izulu nomhlaba makumbonge, izilwandle nakho konke okuphila kukho. |
UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni ezindiza phezu komhlaba emkhathini wezulu.”
Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo, futhi abantu abayodalwa bayomdumisa uJehova.
Hlabelelani nina mazulu! futhi jabula, O mhlaba! niqhume ngokujabula, zintaba; ngokuba uJehova wabaduduza abantu bakhe, waba nomusa kwabampofu bakhe.
Ngokuba niyakuphuma ngokujabula, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhuma phambi kwenu ngokujabula, nemithi yonke yasendle ishaye ihlombe.