Wathi: “Makabusiswe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayithobisanga inkosi yami ngomusa wayo nokuthembeka kwayo;
AmaHubo 69:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova, ngesikhathi esamukelekayo; O Nkulunkulu, ngilalele ngobubele bakho obukhulu, eqinisweni lensindiso yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho. IsiZulu 2020 Kepha mina ngikhuleka kuwe, Simakade. Ngesikhathi esifanele, Nkulunkulu, ngobukhulu bomusa wakho, ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho. |
Wathi: “Makabusiswe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayithobisanga inkosi yami ngomusa wayo nokuthembeka kwayo;
Lapho inkosi ibona u-Esteri indlovukazi emi egcekeni, wazuza umusa emehlweni ayo; inkosi yelulela u-Esteri intonga yegolide eyayisesandleni sayo. Khona-ke u-Esteri wasondela wathinta isihloko sentonga yobukhosi.
Inkosi yasisithi kuEsta edilini lewayini: Uyini umkhuleko wakho? Futhi siyini isicelo sakho? kuyakufezwa engxenyeni yombuso.
Inkosi yasisithi kuEsta ngosuku lwesibili edilini lewayini: Uyini umthandazo wakho, ndlovukazi Esta? Futhi siyini isicelo sakho? uyakufezwa kuze kube yingxenye yombuso.
Ngenxa yalokhu bonke abangcwele bayakukhuleka kuwe ngesikhathi sokufunyanwa kwakho; impela, emifuleni yamanzi amaningi abayikusondela kuye.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide ekufikeni kwakhe umprofethi uNathani emva kokuba esengene kuBati Sheba. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; ngokobukhulu bomusa wakho ngikhulule eziphambekweni zami.
Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;
Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngesikhathi sokuthokoza ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza; amafa alahliwe;
Bukani ukuthi bahlala kanjani phansi nokuthi basukuma kanjani; Mina ngiwumculo wabo.
Uzafakazela iqiniso kuJakobe lakuAbrahama umusa owathembisa okhokho bethu ngesifungo kusukela ezinsukwini.
Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.
(Ngokuba uthi: Ngakuzwa ngesikhathi esamukelekayo, nangosuku lwensindiso ngakusiza; bheka, manje yiso isikhathi esihle; bheka, manje yilo usuku lwensindiso.)
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;
owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.
Buza izinsizwa zakho, zizokukhombisa. Ngakho-ke izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba siyeza ngosuku oluhle; kunika izinceku zakho nendodana yakho uDavide konke okusesandleni sakho.