Wathi: “Makabusiswe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayithobisanga inkosi yami ngomusa wayo nokuthembeka kwayo;
AmaHubo 61:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuma phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; lungisela umusa neqiniso, okungayilondoloza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze. IsiZulu 2020 Iyohlala embusweni, phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade. Yiqokele ububele neqiniso, ukuba kuyilonde. |
Wathi: “Makabusiswe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayithobisanga inkosi yami ngomusa wayo nokuthembeka kwayo;
Angifaneleki umusa wakho neqiniso lonke olenze encekwini yakho; ngoba ngadabula leli Jordani ngentonga yami; futhi manje sengingamaqembu amabili.
Ibizo lakho malibe likhulu kuze kube nininini ngokuthi: I Nkosi yamabandla inguNkulunkulu phezu kukaIsrayeli, lendlu yenceku yakho uDavida kayime phambi kwakho.
Ungagodli kimi umusa wakho, Jehova; umusa wakho nokuthembeka kwakho makungilondoloze njalo.
Kepha mina uyangisekela ngobuqotho bami, ungibeke phambi kobuso bakho kuze kube phakade.
Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho; mabangiqondise; mabangiyise entabeni yakho engcwele nasematendeni akho.
Uyakuthumela esezulwini angisindise ehlazweni lalowo obefuna ukungidla. Sela. UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.
Umusa nokuthembeka kuyayilondoloza inkosi, nesihlalo sayo sobukhosi sisekelwe ngomusa.
Uzafakazela iqiniso kuJakobe lakuAbrahama umusa owathembisa okhokho bethu ngesifungo kusukela ezinsukwini.
Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.
Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.