noZakariya, no-Asiyeli, noSemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya, benezingubhu ze-Alamoti;
AmaHubo 6:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. IsiZulu 2020 Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. |
noZakariya, no-Asiyeli, noSemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya, benezingubhu ze-Alamoti;
noMatithiya, no-Elifele, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Asasiya, benezinsimbi kumaSemini ukuba bavelele.
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Siza, Jehova! ngoba owesaba uNkulunkulu uphelile; ngoba abathembekileyo baphelile phakathi kwabantwana babantu.
Khona-ke uyokhuluma kubo ngentukuthelo yakhe futhi abahluphe ngentukuthelo yakhe enkulu.
Ihubo likaDavide, isikhumbuzo. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho.
Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti. Ihubo likaDavide. Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ngihawukele, uzwe umkhuleko wami.
Ngokuba kimi kunjengamanzi kaNowa, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awasayikudlula phezu komhlaba; ngakho ngafunga ukuthi ngeke ngikuthukuthelele futhi ngeke ngikusole.
Ngokuba ngeke ngilwe ingunaphakade, futhi ngeke ngihlale ngithukuthele, ngokuba umoya uyohluleka phambi kwami kanye nemiphefumulo engiyenzile.
Ngiqondise, Jehova, kepha ngokwahlulela; kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungibhubhise.
Ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova, ngokuba nginawe; ngokuba ngiyakuqeda zonke izizwe engikuxoshele kuzo; kepha angiyikuniqeda, kepha ngiyakunikhuza ngokulinganisa; kodwa kangiyikukuyekela ungajeziswanga ngokupheleleyo.