U-Abisalomu wathi kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile; kepha akakho owabelwe inkosi ukuba akulalele.
AmaHubo 55:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela kwababi; ngokuba baphonsa ububi phezu kwami, bangizonda ngokufutheka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela komubi; ngokuba bagingqela okubi phezu kwami; bangizingela bethukuthele. IsiZulu 2020 ngenxa yezwi lesitha, nangenxa yokucindezela komubi, bagingqela okubi phezu kwami, bangizingela bengithukuthelele. |
U-Abisalomu wathi kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile; kepha akakho owabelwe inkosi ukuba akulalele.
Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibaleli okubi, ungakhumbuli ukuthi inceku yakho yonani ngosuku inkosi yami, inkosi, eyaphuma ngalo eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni.”
Ngenxa yokucindezelwa kwabampofu, ngenxa yokububula kwabampofu, ngiyakuvuka manje,” usho uJehova; ngizambeka ekuphepheni komqhuqhayo.
Unganginikeli entandweni yezitha zami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabantu abaphefumula unya.
Ngokuba abezizwe bangivukele, nabacindezeli bafuna umphefumulo wami; kababekanga uNkulunkulu phambi kwabo. Sela.
Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale;