U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.
AmaHubo 55:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa nguwe, umuntu olingana lami, umngane wami lomngane wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha nguwe ntanga yami, mhlobo wami nomngane wami. IsiZulu 2020 Kepha nguwe ntanga yethu, mhlobo wami nomngani wami. |
U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.
Iseluleko sika-Ahithofeli asinikeza ngalezo zinsuku sasinjengokungathi umuntu ubuza ezwini likaNkulunkulu; sasinjalo sonke iseluleko sika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.
Yebo, nomngane wami engangimethemba, owayedla isinkwa sami, wangiphakamisela isithende sakhe.
Qaphelani, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe, ningethembi kumfowabo, ngokuba yilowo nalowo abafowabo bayakucindezela nokuqothula, nabo bonke umakhelwane bahambe behleba.
Ningathembi umngane, ningathembi umholi; mgcinele olala esifubeni sakho iminyango yomlomo wakho.
Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha.