Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka besuka kuDavide, balandela uSheba indodana kaBigi; kepha abantu bakwaJuda banamathela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.
AmaHubo 53:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke babuyela emuva; bangcola ngokuphelele; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. IsiZulu 2020 Bonke baphambukile, bonke bakhohlakele, akukho noyedwa owenza okuhle, akukho noyedwa. |
Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka besuka kuDavide, balandela uSheba indodana kaBigi; kepha abantu bakwaJuda banamathela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.
Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.
Kodwa thina sonke sinjengento engcolileyo, lokulunga kwethu konke kunjengendwangu engcolileyo; futhi sonke siyabuna njengeqabunga; nobubi bethu bususile njengomoya.
Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.
Nabahlubukayo kuJehova; nalabo abangazange bamfune uJehova futhi abangabuzanga kuye.
Baphambukile bonke, basebeyize kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.
Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.
Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
Ongalungile makenze okungalungile; nongcolileyo makaqhubeke engcolile, nolungileyo makaqhubeke elungile, nongcwele makahlale ngcwele.