UDavide wayesethuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye; ngoba wayesehlanjululwe ekungcoleni kwakhe, wabuyela endlini yakhe.
AmaHubo 51:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. IsiZulu 2020 Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. |
UDavide wayesethuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye; ngoba wayesehlanjululwe ekungcoleni kwakhe, wabuyela endlini yakhe.
UJehova wathuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye; omunye ecebile, omunye empofu.
Gezani, nihlanzeke; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; yekani ukwenza okubi;
Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?
Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.
Ingubo, noma intambo yokuphuca, noma intambo, noma yini yesikhumba oyakugezwa kuyo, uma isifo sisusiwe kuyo, kumelwe igezwe ngokwesibili ibe ihlanzekile.
Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.
USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami.
Manje ulibelelani na? sukuma ubhapathizwe, uhlanze izono zakho, ubize igama leNkosi.
Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.
Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.