Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.
AmaHubo 51:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yenzani okuhle kulo iSiyoni; yakha izingange zaseJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema. IsiZulu 2020 IZiyoni lenzele okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange eJerusalema. |
Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.
Ngoba uNkulunkulu uzalihlenga iZiyoni, akhe amadolobho akoJuda, ukuze bahlale khona, balidle.
Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aduduze zonke izincithakalo zalo; Uyakwenza ugwadule lwakhe lube njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaJehova; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa kulo, ukubonga nezwi lokuhuba.
Labo abayakuba ngabakho bayakwakha amanxiwa amadala; uyakubizwa ngokuthi: Umlungisi wezikhala, umlungisi wezindlela zokuhlala.
Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, kuze kuphume ukulunga kwalo njengokukhazimula, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.
Nina eniphunyukileyo enkembeni, hambani, ningami; cabangani ngoJehova nisekude, iJerusalema likhuphuke emicabangweni yenu.
Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima.
UJehova uyakuthokozela izinkulungwane zezinqama noma amashumi ezinkulungwane zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo somzimba wami ngenxa yesono somphefumulo wami na?
Ngosuku okufanele kwakhiwe ngalo izingange zakho, ngalolo suku isinqumo siyoba kude.
Ngokuba mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke nenkazimulo phakathi kwalo.
esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe;
esesazisile imfihlo yentando yakhe, njengokufisa kwakhe okuhle akuhlosileyo kuye;
Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.
Ngakho futhi siyanikhulekela njalo, ukuba uNkulunkulu wethu anibale njengabakufanelekele ukubizwa, agcwalise ngamandla onke okumthokozisayo okuhle, nomsebenzi wokukholwa;