AmaHubo 49:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuya esizukulwaneni soyise; abasoze bakubona ukukhanya kwemini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade. IsiZulu 2020 nokho uyakuya esizukulwaneni sokhokho bakhe, abayukukubona ukukhanya naphakade. |
UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; u-Ela indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
ukuze abuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.
Ngokuba uwusindisile umphefumulo wami ekufeni; Awuyikukhulula izinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo na?
Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.
Ngubani owaziyo umoya womuntu okhuphukayo, nomoya wesilo owehlela emhlabeni na?
Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe;
amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.