Wezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe wathatha konke okwakungokukababa; futhi kulokho okwakungokukababa wathola lonke lolu dumo.
AmaHubo 49:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungesabi nxa umuntu eceba, uba udumo lwendlu yakhe lwanda; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. IsiZulu 2020 Ungesabi uma umuntu eba yisicebi, nxa umcebo wendlu yakhe wanda. |
Wezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe wathatha konke okwakungokukababa; futhi kulokho okwakungokukababa wathola lonke lolu dumo.
UHamani wabalandisa ngenkazimulo yengcebo yakhe, nangobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi eyamkhulisa ngakho, nokuthi uziphakamisile ngaphezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.
Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Lapho abalungileyo bethokoza, kukhona inkazimulo enkulu; kepha lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha.
Ngizabahlenga emandleni eHayidese; ngiyakubakhulula ekufeni; Kufa, ngizakuba yinhlupho yakho;
Izizwe zabasindiswayo ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo inkazimulo nodumo lwawo.