UDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli bawukhuphula umphongolo kaJehova ngokujabula nangokukhala kwecilongo.
AmaHubo 47:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wenyuka ngokukhamuluka, uJehova ngokukhala kwecilongo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo. |
UDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli bawukhuphula umphongolo kaJehova ngokujabula nangokukhala kwecilongo.
OSebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, babetha amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babengabamasango omphongolo.
Ngakho wonke u-Israyeli wawukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokujabula nangokukhala kwecilongo namacilongo namasimbali, ehlokoma ngamahabhu nangezinsimbi.
kanye nabo oHemani noJeduthuni bephethe amacilongo namasimbali abo abawabethayo, nezinto zokubethwa zikaNkulunkulu. Amadodana kaJeduthuni ayengabalindisango.
Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla.
Khona-ke uJehova wavuka njengomuntu oleleyo nanjengeqhawe elimemeza ngenxa yewayini.
Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga, ngesikhathi esimisiweyo, ngosuku lwedili lethu.
mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke.
UJehova wafunga ngobukhosi bukaJakobe, wathi: “Angiyikukhohlwa nokuyikho imisebenzi yabo.
Bheka, ngiyakuchitha inzalo yakho, ngithele umquba ebusweni bakho, yebo, ubulongwe bemikhosi yakho; futhi omunye uzokususa kanye nayo.
Akabonanga bubi kuJakobe, no-Israyeli akabonanga nkohliso; uJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nokukhala kwenkosi kuphakathi kwabo.
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.
Lapho bebetha uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nizwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakukhamuluka ngokukhamuluka okukhulu; ugange lomuzi luyakuwa, abantu bakhuphuke, kube yilowo nalowo phambi kwakhe.
Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.