Ngokuba umenze waba yisibusiso kuze kube phakade; Umthokozise kakhulu ngobuso bakho.
AmaHubo 45:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umuhle ngaphezu kwabantwana babantu; umusa uthululiwe ezindebeni zakho; ngalokho uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade. IsiZulu 2020 Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade. |
Ngokuba umenze waba yisibusiso kuze kube phakade; Umthokozise kakhulu ngobuso bakho.
Othanda ukuhlanzeka kwenhliziyo, ngenxa yomusa wezindebe zakhe inkosi iyakuba ngumngane wakhe.
Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wawo ngokujabula okukhulu, nesithelo sawo sasimnandi emlonyeni wami.
INkosi uJehova inginike ulimi lwabafundileyo, ukuze ngikwazi ukukhuluma izwi ngesikhathi esifanele kokhatheleyo;
UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;
Ngoba yeka ukuthi ubuhle bakhe bukhulu kangakanani lobuhle bakhe! ukolweni uyakujabulisa izinsizwa, moss izintombi.
Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini?
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;