AmaHubo 45:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esikhundleni sawoyihlo kuyakuba khona abantwana bakho, ongabamisa babe yizikhulu emhlabeni wonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana akho ayakuba sesikhundleni sawoyihlo; uyakuwabeka abe yizikhulu emhlabeni wonke. IsiZulu 2020 Amadodana akho ayohlala esikhundleni sawoyihlomkhulu, uwabeke abe yizikhulu emhlabeni wonke. |
Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;
Wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.