Ngenxa yokucindezelwa kwabampofu, ngenxa yokububula kwabampofu, ngiyakuvuka manje,” usho uJehova; ngizambeka ekuphepheni komqhuqhayo.
AmaHubo 44:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Vuka, uleleni, Nkosi? sukuma, ungasilahli kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo. IsiZulu 2020 Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Ungasilahli njalonjalo. |
Ngenxa yokucindezelwa kwabampofu, ngenxa yokububula kwabampofu, ngiyakuvuka manje,” usho uJehova; ngizambeka ekuphepheni komqhuqhayo.
Vuka, Jehova, ngentukuthelo yakho, uziphakamise ngenxa yentukuthelo yezitha zami, uvuke ngenxa yami ngenxa yokwahlulela okuyale ngakho.
IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? intukuthelo yakho ithunqeleni izimvu zedlelo lakho na?
Khona-ke uJehova wavuka njengomuntu oleleyo nanjengeqhawe elimemeza ngenxa yewayini.
Vuka, vuka, wembathe amandla, ngalo kaJehova! vuka, njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasendulo. Akuwena yini owagawula uRahabi, washaya udrako?
Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na?