Ngizakwenzani-ke nxa uNkulunkulu esukuma? uma efika, ngiyakumphendula ngithini na?
AmaHubo 44:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu ngeke yini alihlole? ngoba yena uyazazi izimfihlo zenhliziyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uNkulunkulu ubengayikukuhlola na? Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo. IsiZulu 2020 ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni. |
Ngizakwenzani-ke nxa uNkulunkulu esukuma? uma efika, ngiyakumphendula ngithini na?
Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.
Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.
Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.
Ngosuku uNkulunkulu azakwahlulela ngalo izimfihlo zabantu ngoJesu Khristu ngokwevangeli lami.
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.
Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;