Ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, akaphambukanga kukho konke amyale ngakho zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.
AmaHubo 44:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva, nezinyathelo zethu aziphendukanga endleleni yakho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva; izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho, IsiZulu 2020 Izinhliziyo zethu azikufulathelanga, izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho, |
Ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, akaphambukanga kukho konke amyale ngakho zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.
Labo abaphambukela ezindleleni zabo eziyisigwegwe, uJehova uyakubahola kanye nabenzi bobubi, kepha ukuthula kube phezu kuka-Israyeli.
Kodwa baphenduka benza ubumenemene njengoyise; baphambukile njengomnsalo okhohlisayo.
Babuyela ezonweni zabokhokho babo, abenqaba ukulalela amazwi ami; balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze; indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda basephulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.
Nabahlubukayo kuJehova; nalabo abangazange bamfune uJehova futhi abangabuzanga kuye.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Nina ningofakazi, noNkulunkulu naye, ukuthi saba ngcwele kanjani, nangokulunga, nokungasoleki phakathi kwenu nina enikholwayo;