AmaHubo 40:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, ongahloniphi abazidlayo, ongaphendukeli emangeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni. IsiZulu 2020 Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade, ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo, nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga. |
Labo abaphambukela ezindleleni zabo eziyisigwegwe, uJehova uyakubahola kanye nabenzi bobubi, kepha ukuthula kube phezu kuka-Israyeli.
Odelelekile emehlweni akhe; kodwa uyabahlonipha abamesabayo uJehova. Ofungayo kokwakhe angaguquki.
Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.
Ngaphakanyiswa ngawe kwasesiswini sikanina; Nguwe owangikhipha esizalweni sikamame; kuwe kuyakuba yindumiso yami njalo.