AmaHubo 39:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Manje, Nkosi, ngilindeleni na? ithemba lami likuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe. IsiZulu 2020 “Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe. |
Noma engibulala, ngiyothembela kuye; kepha mina ngiyakumisa izindlela zami phambi kwakhe.
CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho.
Umcabango wabo wangaphakathi uthi izindlu zabo ziyohlala phakade, izindawo zabo zokuhlala ezizukulwaneni ngezizukulwane; babiza amazwe abo ngamagama abo.
Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe usekuhlakanipheni, nangokwazi, nangobuqotho; kodwa kumuntu ongazange asebenze kukho, kumelwe akushiye njengesabelo sakhe. Nalokhu kuyize nobubi obukhulu.
Kukhona oyedwa, akakho owesibili; yebo, akanamntwana noma umfowabo; nokho umshikashika wakhe awupheli; futhi iso lakhe alisuthi ingcebo; akasho ukuthi: Ngisebenzela bani, ngiphuce umphefumulo wami okuhle na? Kuyize futhi, yebo, kuyinkathazo ebuhlungu.
Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.