AmaHubo 39:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Susa kimi ukushaywa kwakho; ngiyaqedwa ngokushaya kwesandla sakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho. IsiZulu 2020 Susa inhlupheko ongehlisele yona, ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela. |
Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami; umswakama wami waphenduka ukoma kwasehlobo. Sela.
UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.
Ngalokho niyakuzenzela izithombe zabagayi benu nemifanekiso yamagundane enu abhubhisa izwe; futhi kumelwe nimkhazimulise uNkulunkulu ka-Israyeli; mhlawumbe angasenza lula isandla sakhe kini, nakonkulunkulu benu, nasezweni lenu.